Ngabe izilwane zasekhaya noma zasendle zizoya ezulwini? Izilwanezasakhaya noma zasendle zinawo yini umphefumulo?

Umbuzo Ngabe izilwane zasekhaya noma zasendle zizoya ezulwini? Izilwanezasakhaya noma zasendle zinawo yini umphefumulo? Impendulo iBhayibheli alisiniki isifundiso noma incazelo eqondile ukuthi izilwane zasekhaya kanye nezasendle zinomphefumulo noma zizoya ezulwini. Kodwa ke singasebenzisa izimiso zezwi ukuba sifinyelele ekuxazululeni lesihloko. iBhayibheli lithi izilwane kanye nabantu banawo lomoya wokuphila. (uGenesise 2: 7) izilwane nazo (uGenesise 1: 30;…

Umbuzo

Ngabe izilwane zasekhaya noma zasendle zizoya ezulwini? Izilwanezasakhaya noma zasendle zinawo yini umphefumulo?

Impendulo

iBhayibheli alisiniki isifundiso noma incazelo eqondile ukuthi izilwane zasekhaya kanye nezasendle zinomphefumulo noma zizoya ezulwini. Kodwa ke singasebenzisa izimiso zezwi ukuba sifinyelele ekuxazululeni lesihloko. iBhayibheli lithi izilwane kanye nabantu banawo lomoya wokuphila. (uGenesise 2: 7) izilwane nazo (uGenesise 1: 30; 6: 17, 7: 15, 22) zinawo umoya wokuphila; ngakhoke abantu nezilwane kuyisithixo esiphilayo.. Umahluko omkhulu phakathi kwabantu nezilwane ukuthi umuntu unobuntu obenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu nokumfuza. (uGenesise 1: 26 27), kodwa izilwane azinabo. Ukwenziwa emfanikisweni kaNkulunkulu nasekufuzeni kusho ukuthi abantu banje ngoNkulunkulu, banekhona likaMoya, nomqondo, nemizwa kanye nentando, futhi banenxenye yokuphila emuva kokufa. Uma izilwane zasekhaya noma zasendle zinomphefumulo noma okungaphatheki, Kungaba ke ngokuhlukile noma kwezinga eliphansi. Lomehluko ukuthiI izilwane zinawo umphefumulo kodwa awuqhubeki nokuphila emuva kokufa.

Okunye ekufanele sikuqonde ukuthi izilwane inxenye yendalo kaNkulunkulu ekudaleni kuGenesise. uNkulunkulu wadala izilwane wabese ethi kuhle. (uGenesise 1: 25). Ngakhoke asikho isizathu sokuthi zingabikhona izilwane emhlabeni. (iSambulo 21: 1). Ngakhoke, asikho isizathu sokuthi emhlabeni omusha kungabikho izilwane. (u Isaya 11: 6; 65: 25) Kunzima ukuthi lezinye izilwane zizoba izilwane zasendle noma zasekhaya njengaloku sinazo manje. Asazi ukuthi uNkulunkulu ulungile ngokuba uma sifika ezulwini sizobe sizithola sivumelana nesinqumo sakhe ngayo lendaba, noma yini ingenzeka.

[English]



[Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu]

Ngabe izilwane zasekhaya noma zasendle zizoya ezulwini? Izilwanezasakhaya noma zasendle zinawo yini umphefumulo

Similar Posts

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.